N
Ake Sicabange Ikusasa Lethu
IBhayibheli LiyiZwi LikaKhristu Ahnsahnghong kanye noNkulunkulu uMama Ngokuphathelene Nalokho Okumele Kwenzeke Impela
IBhayibheli aliyona inganekwane; yizwi lokuphila elivela kuNkulunkulu, oqinisekisa ikusasa lesintu. Ngeziphrofetho ezanikwa uDaniyeli mayelana nokuvela nokuwa kwemibuso emva koMbuso waseBhabhiloni, incazelo yomjikelezo wamanzi namaqiniso esayensi anjengomhlaba imisiwe emkhathini wembulwa kuJobe eminyakeni engu-3,500 edlule, singakwazi ngokuqinisekile ukuthi iBhayibheli izwi likaNkulunkulu.
Lapho Beshukunyiswa Kakhulu Izwi likaNkulunkulu, Bathatha Isinyathelo Esikhulu NjengoKoresi, iNkosi yasePheresiya
Umphostoli uJohane wabona abangcwele ababezosindiswa—labo amagama abo ayebhalwe encwadini yokuphila yeWundlu. Namuhla, amalungu eBandla likaNkulunkulu, amagama abo abhalwe encwadini yokuphila njengoba uMphostoli uJohane abona kusengaphambili, agcwalisa iziphrofetho, eshukunyiswe ngokujulile yinkazimulo yaphakade azoyijabulela embusweni wezulu.
Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’
UDaniyeli 7:18
Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.
IsAmbulo 22:5
Isibalo Semibono48
#Isibonakaliso
#Ithemba
#Ukulalela