Njengoba umbuso wabo wawuba namandla
kakhulu, amakhosi anjengoRehobowamu, uSawule, u-Uziya, u-Ahazi,
noZedekiya aziphakamisa futhi azishaya isifuba.
Ekugcineni, bona kuNkulunkulu futhi babhujiswa.
Ngakolunye uhlangothi, uJothamu, uDavide, uDaniyeli
nabangane bakhe abathathu babehlala bethembekile kuNkulunkulu futhi
uNkulunkulu wababusisa.
Lesi yisifundo esibalulekile esibonisa indlela
yokholo okumele amalungu eBandla likaNkulunkulu ayilandele namuhla.
Kufanele bahlale bethembekile kuNkulunkulu, hhayi
ngokholo oluntengantengayo oluya ngezimo.
Futhi, kufanele bakholwe osizweni lukaKhristu
Ahnsahnghong kanye noNkulunkulu uMama futhi benze umsebenzi
wevangeli ngokwezwi likaNkulunkulu.
Khona-ke, uNkulunkulu uyokwenza iSiyoni libe
namandla, liphumelele, futhi libe elivelele emhlabeni wonke
njengombuso kaDavide.
USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko
sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade,
nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,,
engabuzanga kuSimakade. Ngakho-ke wambulala, umbuso
wawubuyisela kuDavide, indodana kaJese.
1 IziKhronike 10:13–14
UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa
izindlela zakhe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe e.
2 IziKhronike 27:6
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha