IBandla lapho uJesu anikeza khona insindiso ngenkathi efika kulo mhlaba eminyakeni engu-2,000 edlule, wasungula iPhasika lesivumelwano esisha, neBandla elalihanjelwa abangcwele beBandla lokuqala abanjengoMphostoli Pawula, Phethro, noJohane kwakuyiBandla likaNkulunkulu. Kepha, cishe ngekhulu lesi-4, imithetho kaNkulunkulu yachithwa, nemikhuba yobuqaba yangena ebandleni. Ukukhanya kwensindiso kwanyamalala, kwaqala inkathi yobumnyama.
Ngokwesiprofetho seBhayibheli, Khristu Ahnsahnghong wasungula iBandla likaNkulunkulu eKorea ngo-1964, wahola iBandla ngeqiniso lePhasika lesivumelwano esisha elisekelwe eBhayibhelini kanye nesisekelo sabaprofethi. Wafakaza ezinganeni Zakhe ngoNkulunkulu uMama, oweza kulo mhlaba ukuze asindise Abantu, ethi, “Phethro walandela uJesu, mina ngilandela uMama.”
[K]ulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, . . . 1 KwabaseKhorinte 1:2
[N]akhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi, Kwabase-Efesu 2:20
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha