Ibandla LikaMelkhizedeki Elifakazelwa eBhayibhelini, Ibandla likaNkulunkulu U-Abrahama wanika uMelkisedeki okweshumi, owambusisa ngesinkwa nangewayini, futhi uDavide waprofetha ukuthi “umpristi waphakade olandela ukuma kukaMelkisedeki unguNkulunkulu.” Futhi, uMphostoli uPawulu wafakaza ngoKhristu owayezobuya futhi ngenkathi kaMoya Ongcwele ukuze kusindiswe abantu, ngokuchaza ukuthi “UMelkisedeki akanayise noma unina noma uhlu lozalo.”
UMelkhizedeki weThestamendi Elidala wanika u-Abrahama isibusiso esingokwenyama ngesinkwa newayini. Ngokufanayo, uJesu wanikeza isibusiso sokuxolelwa kwezono nokuphila okuphakade ngesinkwa newayini lePhasika lesivumelwano esisha. UKhristu Ahnsahnghong wafakaza ukuthi unguNkulunkulu oweza ngokokuma kukaMelkhizedeki, ngokubuyisela isivumelwano esisha iPhasika elalilokhu lichithiwe iminyaka engu-1,600.
Ngemva kokuba u-Abrama ebuyile ekunqobeni uKedorlawomere namakhosi ayehlangene naye, . . . UMelkhizedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini. . . . U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke. UGenesise 14:17–20
Ngakho abafundi benza njengoba uJesu ayebayalile, balungiselela iPhasika. . . . UJesu wathatha isinkwa, wabonga, . . . Wabe esethatha inkomishi [iwayini], futhi lapho esebongile, . . . “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano, elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuxolelwa kwezono. ” NgokukaMathewu 26:19–28
Kule ntaba iNkosi uSomandla izolungiselela . . . idili lewayini elidala . . . uyakugwinya ukufa kuze kube phakade. . . . Ngalolo suku bayokuthi: “Impela lo nguNkulunkulu wethu; sithembele kuye, wasisindisa.” U-Isaya 25:6–9
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha