Kwi-Talmud, kunendaba emayelana
nendodana ebona imfihlo equkethwe
encwadini yefa kababa wayo, yazuza ifa
lempahla kababa wakhe. Ukuze abantu bazuze
ifa loMbuso okhazimulayo weZulu,
kumele baqonde amazwi kaKristu
Ahnsahnghong nakaNkulunkulu uMama,
aqukethwe ezincwadini ezingu-66
zeBhayibheli.
Umpristi omkhulu kuphela owayengangena endaweni
eNgcwelengcwele, futhi ngosuku olulodwa kuphela
phakathi nonyaka. Lolu suku kwakuwuSuku
Lokubuyisana. Ngenkathi uJesu efa, ikhethini
lendlu engcwele ladabuka ebese indlela eya
endaweni engcwelengcwele yavuleka.
Kusukela manje, abantu kumele badlulisele
kuSathane isono sokufa abasenza
eZulwini, omele u-Azazeli. Futhi ukuze
benze ukubuyisana okuphakade, kufanele beze
kuNkulunkulu uMama, oyiqiniso
lendawo engcwelengcwele.
UJesu wabuye wamemeza ngezwi
elikhulu, wafa. Bheka-ke, isihenqo
sethempeli sadabuka kabili, kusukela
phezulu kuze kufike phansi. ...
NgokukaMathewu 27:50–51
Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba
iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla
onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu.
ISambulo 21:22
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha