Uma sibuyela kuNkulunkulu ngePhasika lesivumelwano esisha, sithola ukuthethelelwa kwezono nokuphila okuphakade. Kodwa-ke, uma umuntu engahlali esivumelwaneni sikaNkulunkulu, uNkulunkulu uzobashiya; ekugcineni, bazobhekana nesiphetho esidabukisayo imimoya emibi ingene kubo njengoba yenza eNkosini uSawule nakuJuda Iskariyothe.
Ngenkathi inkosi uHezekiya ithumela izithunywa ukuthi zimemezele, “Gcinani iPhasika nibuyele kuNkulunkulu,” abantu basenyakatho yakwa-Israyeli babagcona futhi babahleka usulu. Ekugcineni, laba bantu babhujiswa. Abantu namuhla abaphendula ngale ndlela, bazobhekana nesiphetho esifanayo nabantu basenyakatho yakwa-Israyeli.
Yize kunamabandla amaningi emhlabeni, kuphela ibandla eligcina iPhasika, okuyisithembiso sikaNkulunkulu, okungathiwa libuyele kuNkulunkulu futhi libusiswe njengebandla lapho uNkulunkulu enabo khona.
“UHezekiya wathumela kuye wonke u-Israyeli noJuda, walobela o-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema, bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika… buyelani kuJehova uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli” 2 IziKronike 30:1–6
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha