Wonke umuntu ozelwe kulo mhlaba, njengoSolomoni noJobe, wake waba yingelosi eyayiphila embusweni wezulu. Sifundiswa ukuthi ukuphila kulo mhlaba kugcwele usizi nokukhandleka ngoba kuyindawo lapho izingelosi, ezazike zahlala enkazimulweni noNkulunkulu ezulwini, zaxoshwa khona ngemva kokwenza isono esikhulu esiholela ekufeni.
Namuhla, oye wabuyisela iPhasika lesivumelwano esisha elahlekile akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu wethu. Lokhu kungenxa yokuthi iPhasika lesivumelwano esisha liyisivumelwano uJesu asimisa ngomhlatshelo waKhe esiphambanweni, ukuze bonke abantu izono zabo eziholela ekufeni—izono abazenza ezulwini—zixolelwe, babuyele embusweni wezulu.
esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe... Kwabase-Efesu 1:7
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu. KwabaseRoma 6:23
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha