Isizathu esenza ukuthi kokubili uJesu Oweza Kokuqala kanye noKuza kwesibili kukaJesu kwaphrofethwa ukuthi “uzoza ngefu” yingoba inyama yemboza ukukhanya kwesimo sikaNkulunkulu sobuNkulunkulu njengoba nje amafu evimba ukukhanya kwelanga.
Singaqonda ukuthi uJesu uzobuya futhi njengomuntu ngisho nangeziphrofetho, “Nginezinye izimvu ezingezona ezalesi sibaya sezimvu,” nokuthi “uNkulunkulu uzosifundisa ezinsukwini zokugcina.”
Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, amaJuda abheka amafu esibhakabhakeni kuphela, elindele uMesiya.
Nasenkathini kaMoya oNgcwele, uma umuntu ebheka amafu esibhakabhakeni kuphela ngomcabango
ongalungile njengalowo wamaJuda, angeke bayithole insindiso kuKhristu Oza okwesibili u-Ahnsahnghong nakuNkulunkulu uMama.
“Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu. Kepha uma sekuqala ukwenzeka lokho, sukumani nime, niphakamise amakhanda enu, ngokuba ukuhlengwa kwenu sekusondele.”
NgokukaLuka 21:27–28
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha