Zonke izidalwa zithola ukuphila ngomama bazo.
Kungakhathaliseki ukuthi isidalwa sincane nokuthi asiyilutho kangakanani, umama unothando lokuzinikela lukamama olumenza anikele ngempilo yakhe ngenxa yamaphuphu aso.
Kungani uNkulunkulu adala zonke izinto ukuze zithole ukuphila ngomama bazo?
Futhi kungani omama, ngisho nomama bezidalwa ezingasho lutho, bonke benothando lukamama?
UNkulunkulu, owadala zonke izinto ngokwentando Yakhe, wasambulela indlela yokuthola ukuphila okuphakade, ngesimiso sokuzalwa kulo mhlaba nangesimilo esihle sikaNkulunkulu uMama.
Zonke izinto eziphilayo zingaphila kangangesikhathi sokuphila esizithole komama bazo.
Ngakho, singathola ukuphila okuphakade ngoMama wethu ongokomoya.
Lokho kungenxa yokuthi nguNkulunkulu uMama kuphela, onokuphila okuphakade, ongasinika ukuphila okuphakade.
Kule nkathi, kufanele sibe ngabantwana bakaNkulunkulu uMama ukuze sithole ukuphila okuphakade.
Wozani eBandleni likaNkulunkulu elikholelwa kuNkulunkulu uMama!
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha