UNkulunkulu wabiza ibandla eligcina imikhosi
yakhe ngeSiyoni.
IBandla eligcina imikhosi kaNkulunkulu ebhalwe
eBhayibhelini—iSabatha, iPhasika, uMkhosi weSinkwa
Esingenamvubelo, uMkhosi Wolibo, uSuku
lwePhentekoste, uMkhosi Wamacilongo, uSuku
Lokubuyisana, noMkhosi Wamadokodo—
yiBandla likaNkulunkulu kuphela.
UJesu wasungula isivumelwano esisha ngegazi
lakhe eliyigugu, hhayi ngegazi lezilwane
ngokoMthetho kaMose.
Waphinde wasifundisa nokuthi indawo lapho okugcinwa
khona imikhosi esivumelwano esisha yiSiyoni
lapho kunikezwa khona insindiso yabantu.
Kepha, imikhosi yesivumelwano esisha
yanyamalala ngesikhathi seNkathi Yobumnyama,
futhi iSiyoni labhujiswa.
Namuhla, uKristu Ahnsahnghong wakha
kabusha iSiyoni elalibhidliziwe.
Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni, ubonakele
enkazimulweni yakhe.
IHubo 102:16
Kepha bheka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu;
amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula, itende
elingayikususwa, . . . Kunalokho uJehova uyakuba nathi . . . uJehova
uyinkosi yethu; uyakusisindisa.
U-Isaya 33:20–22
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha