Isono sokudla emthini wolwazi lokuhle nokubi sidluliselwa esintwini sisuka ku-Adamu no-Eva ensimini yase-Edene.
Ukuze isintu sikhululwe esonweni, sidinga iqiniso lomuthi wokuphila owenza labo abahlanganyela kuso bathole ukuphila okuphakade.
Yilabo kuphela abaqaphela ukuzinikela nothando lukaKristu Ahnsahnghong kanye noMama waseZulwini, abalethe umuthi wokuphila, futhi bagcine leli qiniso ngenhliziyo yonke, abangakhululwa esonweni sokufa.
Isono sokufa esazuza njengefa ku-Adamu kumelwe sisuswe kubantu abafuna ukusindiswa futhi bangene embusweni wezulu.
Ngakho-ke, uKristu Ahnsahnghong weza kulo mhlaba okwesibili futhi waletha iPhasika lesivumelwano esisha, iqiniso lomuthi wokuphila, ukuthethelela izono zaso sonke isintu nokubanika ifa lombuso wezulu.
Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.
1 Johane 2:25
Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila.
Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; . . .”
Johane 6:53-54
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha