Inkosi u-Asa kanye neNkosi uJehoshafathi bagcina ngenkuthalo izinqumo nemithetho kaNkulunkulu. Babhidliza zonke izithombe, babusa abantu babo nemibuso yabo benokuqiniseka okungantengantengi ukuthi konke kuzohamba kahle uma nje benoNkulunkulu. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wanika isizwe sabo ukuthula, wabanika izibusiso nenkazimulo echichimayo.
Ngomlando obhalwe eBhayibhelini, uNkulunkulu ubonise isintu indlela yokwamukela izibusiso Zakhe. Akumele senze isono sokuphendukela ezizweni ezinamandla ukuze sithole usizo, sibe sehluleka ukufuna uNkulunkulu, njengoba kwenza u-Asa eminyakeni yakhe yokugcina. Akufanele futhi sizihlanganise nalabo abenza okubi noma siphishekele noma yimuphi umzamo eceleni kwabo, njengoba kwenza uJehoshafathi. Kungenxa yokuthi uma sikhohlwa uNkulunkulu, sibeka ithemba lethu kubantu nasezimweni ezisizungezile, uyazihoxisa izibusiso Zakhe kithi.
Babuthana eJerusalema ngenyanga yesithathu ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kuka-Asa. Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile, izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa. Bangena esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke. 2 IziKronike 15:10–15
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha