UNkulunkulu uthi, “Ungalokothi wengeze
noma ususe emazwini aseBhayibheli,” futhi
eBhayibhelini, kubhaliiwe ukuthi abantu bangasindiswa
lapho beya kuMoya kanye noMlobokazi, abanikeza
amanzi okuphila.
Ngakho-ke, iBandla likaNkulunkulu,
elikholelwa kuNkulunkulu uMoya oNgcwele, uKristu
Ahnsahnghong, noNkulunkulu uMama, onguMlobokazi,
liyibandla uNkulunkulu athokoza
ngalo nelizosindiswa.
Umphostoli uPawulu wabhala eBhayibhelini
ukuthi abantwana besithembiso bayinsali ekhethwe
ngomusa futhi labo abazosindiswa
bangabantwana besithembiso njengo-Isaka.
Kusho ukuthi labo abakholelwa
kuNkulunkulu uMama enkathini kaMoya oNgcwele
bazoba ngabantwana besithembiso njengo-Isaka
kanye nensali ekhethwe ngomusa kaNkulunkulu ukuze
basindiswe.
Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka
ningabantwana besithembiso.
KwabaseGalathiya 4:28
U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi:
“Nokuba umumo wabantwana bakwa-
Israyeli ungangesihlabathi solwandle,
yinsali eyakusindiswa.”
KwabaseRoma 9:27
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha