UNkulunkulu weza kulo mhlaba ukuze abonise
abantu indlela eya ezulwini, nendlela eya
entethelweni yezono.
Nokho, iningi labantu alizange limbone uJesu
oweza enyameni kodwa kunalokho bamshushisa,
bembiza ngembuka, bethi, “Umuntu angasho kanjani
ukuthi unguNkulunkulu na?” futhi ekugcineni bambethela.
Ngokufanayo, namuhla, abakholelwa kuKhristu
Ahnsahnghong, ophinde weza ukuze asindise abantu.
Ukuze singafani nalabo ababethela uJesu esiphambanweni,
bafulathela insindiso eminyakeni eyizi-2,000 edlule, kumele
sigcine imikhosi yesivumelwano esisha eZiyoni, indlu
kaNkulunkulu owathembisa ukuza ezinsukwini zokugcina,
futhi samukele uNkulunkulu u-Ahnsahnghong noNkulunkulu
uMama abafike kulomhlaba besenyameni.
“Mina noBaba simunye.” AbaJuda bacosha
amatshe futhi, ukuze bamkhande ngawo. . . .
“AbaJuda bamphendula, bathi: “Asikukhandi
ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle, kodwa
ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena
ungumuntu, uzenza uNkulunkulu.”
NgokukaJohane 10:30–33
[K]anjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye
ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala
ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele
ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.
KumaHebheru 9:28
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha