Ama-Israyeli ayeselikhohliwe izwi likaNkulunkulu elawasindisa ngenkathi elunywe izinyoka ezinobuthi.
Kunalokho, bakhonza inyoka yethusi iminyaka engaphezu kwama-800, kodwa inyoka yethusi yachithwa nguHezekiya.
Ngokufanayo, udaba olubaluleke kakhulu wukuthi igazi eliyigugu likaJesu Khristu lingukuphela kwento engasindisa abantu.
Ngakho-ke, kufanele sibone ukuthi uma simisa isiphambano,
okuyithuluzi lokubulala nje kuphela, sizoqalekiswa.
Isiphambano, esasidluliselwe eRoma kusukela ngesikhathi seBhabheloni lasendulo, sangeniswa ebandleni cishe ngo-AD 431, emveni kokuba uJesu enyukele ezulwini, nabaphostoli bonke sebehambile.
Ngokwezimfundiso zikaKhristu Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama, abathi, “Ningazikhonzi izithixo,” iBandla likaNkulunkulu alisimisi futhi alisikhonzi isiphambano noma ezinye izithombe.
“Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, sanoma yini olusezulwini phezulu, noma olusemhlabeni phansi, . . . Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze.”
I-Eksodusi 20:4-5
“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuSimakade, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise esithe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’
IDutheronomi 27:15
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha