U-Esawu noJuda Iskariyothe balahlekelwa izibusiso ngenxa yamazwi obudedengu abawakhuluma, futhi umphangi owayesohlangothini lwesokudla, nabangani bakaDaniyeli abathathu bathola izibusiso ezichichimayo ezivela kuNkulunkulu ngenxa yamazwi abawakhuluma ngokholo.
Njengoba amazwi aphuma emilonyeni yethu engapheli kodwa ebuyela kithi ngoSuku Lokwahlulela, uNkulunkulu uhlezi esifundisa ukuthi sicabange kaningi ngaphambi kokuba sikhulume nokuthi sephuze ukuthukuthela.
Uma sibona ukuthi saphonswa phansi sivela ezulwini ngoba sona, akukho okuzosidumaza. Kunalokho, singaphila impilo ebusisekile ngokubonga nangokusho izinto ezinhle ngokulandela izimfundiso zikaNkulunkulu ngeqiniso lokuthi singaba noKristu Ahnsahnghong kanye noNkulunkulu uMama abafike enkathini kaMoya oNgcwele.
Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela; ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu. . . . Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. . . . lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
NgokukaJakobe 1:19-25
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha