Sivela kuphi? Siya kuphi emva kokufa? Nakuba izazi zefilosofi, izazi zemfundiso yenkolo nososayensi abaningi sebephenye impendulo yencazelo yokuphila amakhulu eminyaka, abakwazanga ngisho nokuphakamisa inkolelo-mbono ngaphandle kokuziphikisa. Abantu bayazulazula ngaphandle kokwazi incazelo yempilo, beboshelwe emisebenzini yabo, ebese bebhekana nokufa.
Njengoba amaqabunga ewa, epheshulwa umoya, ukuphila kwethu kuyiphupho elingenalutho njengamahlamvu awile. Nokho, kunokuthile okubalulekile okufihliwe ezimpilweni zethu.
IBhayibheli lifundisa ukuthi ukufa kusho “ukubuyela” ezulwini. (UMshu 12:7)
“Ukubuyela” kusho ukubuyela lapho ovela khona.
Ngaphambi kokuthi uNkulunkulu adale umhlaba, wawusezulwini.
“Wawukuphi, Jobe, ngenkathi ngenza umhlaba na?
Wawusezulwini futhi usuphile iminyaka eminingi!”
UJobe 38:1-21
UNkulunkulu wafundisa uJobe ukuthi ngaphambi kokuba azalwe emhlabeni, wayesezulwini.
NjengoJobe, nathi sasisezulwini ngaphambi kokuba sizalwe emhlabeni.
Ngesikhathi sisasemhlabeni, imizimba yethu “iyindlu” lapho umphefumulo wethu uhlala khona okwesikhashana. (2 Khor 5:1)
Ngakho-ke, abaphostoli ababefundiswa nguJesu babiza abantu ngokuthi “abafokazi” nangokuthi “izihambi.”
Babazi ukuthi ikhaya lethu “yizulu.” (Heb 11:13)
Ezulwini, lapho kungekho mkhawulo wesikhathi, isivinini kanye nendawo, senza isono.
Abantu baphoswa phansi emhlabeni, balahlekelwa izikhumbhuzo zezulu.
Bebubula ngobuhlungu bezono, abantu bayathuthumela ngenxa yokwesaba zonke izinhlobo zezinhlekelele.
Awulikhumbuli yini ikhaya lethu elihle nelikhazimulayo?
Ingabe ayikho indlela yokubuyela kwikhaya lethu elikhazimulayo lasezulwini na?
Mhla sithola impendulo kuyilapho kuphela singakwazi khona ukubuyela.
Eminyakeni eyizi-2,000(nkulungwane ezimbili) edlule, uJesu weza wasifundisa ukuthi singakuthola kanjani ukuthethelelwa kwezono esazenza ezulwini, wavula nendlela yombuso wezulu. (Mat 26:26)
Kule nkathi, uMoya kanye noMakoti—uKhristu Ahnsahnghong kanye noNkulunkulu uMama—babuyisele iPhasika elalilahlekile, futhi basiholela kwikhaya lethu laphakade, iZulu. Siyethemba ukuthi uzoligcina iPhasika elibuyisiwe futhi ubuyele ekhayeni lethu lasezulwini olikhumbulayo.
Siyakumema kwikhaya lethu laphakade, iZulu.
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha