Isihogo yindawo esabekayo kakhulu lapho kunzima ngisho nokuthola iconsi lamanzi ube usezinhlungwini zomlilo. (NgokukaLuka 16:24) UJesu wathi uma isandla, unyawo, noma iso lethu kusenza sone, kungcono ukusinquma noma ukukukhipha kunokuba siye esihogweni. (NgokukaMakhu 9:43) Kungenxa yokuthi ukuhlushwa esihogweni akunakuqhathaniswa nobuhlungu bokunqunywa ingxenye ethile yomzimba wethu.
“Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi.” NgokukaMakhu 9:48
“Yilowo nalowo uyovivinywa ngomlilo.” NgokukaMakhu 9:49
Noma isijeziso sesihogo sibuhlungu ngokwedlulele, angeke sikwazi ukuzenzela ukuthi sife. Esihogweni, awukho umzuzu wenjabulo yokuphila, awukho umzuzu wokuphumula, futhi akukho themba lensindiso nhlobo, kodwa kukhona ubuhlungu obukhulu, ukuzisola nosizi kuphela. Kungani siya esihogweni uma singaphenduki emva kokuzwa ivangeli, na?
Ngaphambi kokuba sizalwe kulo mhlaba, sasiyizingelosi ezulwini. (UJobe 38:4–21) Kepha, senza izono ezulwini, sathola nesigwebo sokuya esihogweni. Ngakho sazalelwa emhlabeni, ijele elingokomoya, futhi sihlala lapha okwesikhashana. (UHezekeli 28:13–17) Uma singayicingi indlela yokugwema isijeziso sesihogo kulo mhlaba, simiselwe ukuya esihogweni.
“Maye, kimi muntu wosizi! Ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na?” KwabaseRoma 7:24
UNkulunkulu wahawukela abantu ababemiselwe ukuthola isijeziso sesihogo, futhi weza kulo mhlaba ukuze akhombise indlela yokugwema isijeziso sesihogo.
“... ukuzobiza. . . izoni, ukuze ziphenduke.” NgokukaLuka 5:32
Ukuze athethelele izono zethu eziholela ekufeni futhi asisindise esijezisweni sesihogo, uNkulunkulu wanikela ngenyama nangegazi Lakhe njengesihlengo sabantu, izoni.
“ ‘Thathani nidle, lokhu kungumzimba wami.’ ” NgokukaMathewu 26:26
“ ‘Iwayini lePhasika liyigazi lami lesivumelwano, elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.’ ” NgokukaMathewu 26:28
Uma sigcina iPhasika lesivumelwano esisha, sibusiswa ngentethelelo yezono futhi siyasindiswa esijezisweni sesihogo. Futhi, singathola ukuphila okuphakade, ebese sibuyela ezulwini.
“ ‘Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.’ ” NgokukaJohane 6:54
Kepha, uma senqaba umlayezo othi, “Yamukelani ukuthethelelwa kwezono nokuphila okuphakade ngePhasika,” izono zethu esizenze ezulwini azinakuthethelelwa, futhi kumele sithole isijeziso sesihogo njengoba kwakumisiwe.
“ ‘Bengilangazelela nokulangazelela okukhulu ukuba ngidle leli Phasika nani ngingakahlupheki.’ ” NgokukaLuka 22:15
Sicela ugcine iPhasika lesivumelwano esisha, uphawu lukaNkulunkulu lokuthethelelwa kwezono, ebese ubuyela ezulwini!
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha