Abangcwele beBandla lakuqala bakhuleka ngobuqotho izinsuku eziyishumi kusukela ngoSuku Lokwenyuka kuze kube uSuku lwePhentekoste. NgePhentekoste, bathola uMoya oNgcwele owabavumela ukuba babe nokholo olunesibindi futhi basakaze ivangeli ngokushesha. ENkathini kaMoya oNgcwele, uNkulunkulu usinika izipho zikaMoya oNgcwele ngePhentekoste, namandla aphindwe kasikhombisa kunewaseminyakeni engu-2,000 edlule.
Emva kokuthola uMoya oNgcwele, iBandla lakuqala lafakaza lathi, “UJesu unguKhristu.” Ngendlela efanayo, manje amalungu eBandla likaNkulunkulu, athole uMoya oNgcwele wemvula yamuva ngokugcina iPhentekoste, ashumayela ngesibindi emhlabeni ngabaSindisi bethu, uKhristu Ahnsahnghong kanye noMama waseZulwini.
“Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye. Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo. Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.”
IZenzo 2:1–4
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha