Abaprofethi Ababikezela Inhlekelele Engakaze Izwakale, kanye Nendlela Eya Ensindisweni UNkulunkulu usevele wabikezela inhlekelele engakaze izwakale ezofika kulesi sikhathi, ngabaprofethi Bakhe abanjengoZefaniya, Malaki, Petru, noJohane. Futhi usibonisile ukuthi yilabo kuphela abathola uphawu lukaNkulunkulu oluthwele igama elisha likaJesu elithi Ahnsahnghong, uMsindisi woNyaka kaMoya Ongcwele, abangasindiswa enhlekeleleni yokugcina.
Ezikhathini zeThestamente Elidala, yilabo kuphela ababheca igazi lewundlu lePhasika ezindlini zabo abasindiswa esifweni. Kule nkathi, yilabo kuphela abathatha ingxenye yesinkwa sePhasika newayini, abamele inyama negazi likaJesu, okungukuthi iqiniso lewundlu lePhasika, abangathola uphawu lukaNkulunkulu, basindiswe enhlekeleleni yokugcina.
Amalungu eBandla likaNkulunkulu agcina iPhasika lesivumelwano esisha, uKhristu Ahnsahnghong kanye noNkulunkulu uMama ababafundise lona, futhi bafeza ngokwethembeka umsebenzi wokushumayela umlayezo wensindiso: “Yamukelani uphawu lukaNkulunkulu lokusindiswa enhlekeleleni yokugcina uNkulunkulu ayilungiselele ukwahlulela ababi!”
“Iso lami aliyikukuhawukela, ngingabi nabubele, ngehlisele phezu kwakho njengezindlela zakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho, nazi ukuthi mina Jehova ngiyashaya.” UHezekeli 7:9
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha