Ngesikhathi sikaMose, uNkulunkulu wasindisa ama-Israyeli agcina iPhasika kwinhlekele futhi wajezisa yonke imindeni yaseGibhithe eyayingaligcinanga iPhasika. Lokhu kusikhombisa ukuthi singasindiswa kanjani ezinhlekeleleni futhi sithole nokuphila okuphakade kulesi sikhathi.
IPhasika lesivumelwano esisha wusuku lapho abantu bezuza inyama negazi likaNkulunkulu futhi bebekwa uphawu njengabantwana bakaNkulunkulu, futhi kuwusuku lapho bethethelelwa izono zabo abazenza eZulwini, bathole nokuphila okuphakade.
Yingakho uNkulunkulu enikeza elinye ithuba lokugcina iPhasika ngosuku lwesi-14 lwenyanga yesibili ngokwekhalenda elingcwele, elangazelela kakhulu ukuba umhlaba wonke ugcine iPhasika futhi uthole insindiso.
“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘... uyakulenza nokho iphasika kuJehova; ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo; ... oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.’ ”
UNumeri 9:10-13
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha