Uma sibheka izimangaliso ezenzeka esikhathini sikaBaba nangesikhathi seNdodana njengendlela uNkulunkulu ahlukanisa ngayo ulwandle olubomvu, wenza nezindonga zase-Jeriko zawa, futhi wamisa nelanga, singaqonda ukuthi konke kwenziwa ngokwezwi likaNkulunkulu.
UNkulunkulu u-Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama beza kulo mhlaba njengoMoya noMlobokazi ngesikhathi sikaMoya oNgcwele. Noma inini lapho silalela izwi likaNkulunkulu, sikholelwa ukuthi umsebenzi wevangeli ufezwa nguNkulunkulu, umsebenzi omangalisayo wevangeli wenziwa ngisho nakulomzuzu.
(Iphunga laseSiyoni: Umsebenzi wevangeli ozuzwe ezinyangeni ezine ngemuva komkhosi wePhentekoste)
UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wathi ebusweni babakwa-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni, nawe nyanga, esigodini sase-Ajaloni.” Lase lima ilanga, nenyanga yahlala, abantu baze baziphindisela ezitheni zabo …
[UJoshuwa 10:12–13]
UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.
[U-Eksodusi 14:21]
Kuthe esegcinile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.” … “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.” Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo.
[NgokukaLuka 5:4–6]
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha