UJesu wathi amanzi okuphila anikezwa
eMkhosini Wamadokodo anguMoya oNgcwele
wemvula yamuva. Umprofethi uZakariya, uHezekeli,
kanye noMphostoli uJohane bafakaza ukuthi uMama
waseZulwini iJerusalema, obizwa ngokuthi isihlalo sobukhosi
sikaNkulunkulu, unguMthombo wamanzi okuphila.
Futhi bafakaza ukuthi uzonikeza ukuphila
okuphakade kubantu kule nkathi kaMoya oNgcwele.
IBandla likaNkulunkulu likholelwa kula mazwi athi,
“Noma ubani owazi uNkulunkulu uzothola uMoya
oNgcwele wemvula yakamuva.”
Benza umsebenzi njengomlindi
wokumemezela kahle kubo bonke
abantu ukuthi kufanele beze, bathole
insindiso kuKristu Ahnsahnghong
nakuNkulunkulu uMama, futhi bathole uMoya
oNgcwele wemvula yakamuva ngoMkhosi
Wamadokodo.
Kwase kusondele umkhosi wabaJuda,
owamadokodo. ... uJesu wema wamemeza
wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze
kimi, aphuze. Okholwa yimi, njengokusho
kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula
yamanzi aphilayo.” Washo lokho
ngoMoya abazakumamukela
abakholwa nguye.
NgokukaJohane 7:2-39
UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!”
Nozwayo makathi: “Woza!”
Nowomileyo makeze; othandayo
makathabathe amanzi okuphila ngesihle.
ISambulo 22:17
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha