Umphostoli uPawulu waba umprofethi omkhulu ngoba wayebone inkazimulo yezulu lesithathu. Ngaphakathi komkhathi omkhulu abantu abangakwazi ukuwuqonda, uNkulunkulu usilungiselele ikusasa elikhazimulayo. Yingakho esibize ukuba sibe nombono obanzi, singabheki emhlabeni, kodwa emkhathini wonke—okungukuthi, umbuso wezulu.
Kumele sinqobe ubunzima banamuhla ngokugxila enkazimulweni yombuso wezulu nakwikusasa elikhazimulayo elisilindele lapho. Uma sehluleka ukukholelwa embusweni wezulu, ekugcineni siyolahlekelwa ukholo lwethu phakathi kokuhlupheka kwesikhashana, silahle iqiniso. Kepha, uma silibamba ngempela iqiniso lombuso wezulu, ukholo lwethu luzokhula usuku nosuku, lusenze sikwazi ukuhlanganyela enkazimulweni yawo.
Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula. KwabaseRoma 8:6
Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. KwabaseRoma 8:24–25
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha