UNkulunkulu wavumela ama-Israyeli ukuba ashaye icilongo
lokuphenduka ngoMkhosi Wamacilongo,
ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa
ngokwekhalenda elingcwele ukuze alungiselele
uSuku Lokubuyisana, usuku lweshumi
lwenyanga yesikhombisa ngokwekhalenda
elingcwele lapho uMose emukela iMithetho
Eyishumi okwesibili.
Ngokomoya, kuwumkhosi okhuthaza
bonke abantu, abenze izono
ezingenakuthethelelwa ezulwini,
baxoshelwa kulo mhlaba, ukuba baphenduke, bethi,
“Phendukani ngesivumelwano esisha, nibuyele
kuNkulunkulu.”
Namuhla, lapho umbuso wezulu
ususondele, labo abathenjiswe
umbuso wezulu ngokuphenduka
okuphelele kufanele bashaye icilongo
ngomhlatshelo nangothando lukaNkulunkulu owabasindisa
ngesivumelwano esisha ukuze
umhlaba wonke uphenduke, ubuyele
kuKristu Ahnsahnghong nakuNkulunkulu
uMama.
“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngosuku lokuqala
lwenyanga yesikhombisa nizoba
nosuku lokuphumula, umhlangano ongcwele
ogcinwa ngokushaya icilongo.’ ”
ULevitikusi 23:24
Wathi, “Isikhathi sesifikile,” waye esethi,
“Umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani,
nikholwe izindaba ezinhle!”
NgokukaMarku 1:15
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha