Iqoqo lokuqala lezibhebhe zemiyalo eyishumi yaphulwa yaba izingcezu njengoba ama–Israyeli akhonza ithole legolide. Kepha, uNkulunkulu wanikela iqoqo lesibili lezibhebhe zemiyalo eyishumi ngosuku lweshumi ngosuku lwesikhombisa lwenyanga yesikhombisa kubantu abaphenduka. UNkulunkulu wamisa lolu suku njengosuku lokubuyisana oluqukethe isithembiso sokuthethelela izono, wamisa usuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa njengomkhosi wamacilongo.
Umphostoli uJohane wathi yonke imithandazo iba umusi wempepho, onyukela phambi kukaNkulunkulu.
Kumele siqaphele ukuthi uMoya oNgcwele u–Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama banxusela abantu ababuthakathaka, nabaphishekela izinto ezingenamqondo, nabahluleka ukubona izibusiso zaphakade eziseZulwini. Kufanele sigcine imikhosi kaNkulunkulu ngezinhliziyo eziguqukayo, siphakamise ukubonga ngenxa yomusa wabo.
‘Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.’
KwabaseRoma 8:25–26
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha