Imiyalo yokuqala eyishumi uMose ayithola yaphulwa
ngoba ama-Israyeli ayekhonza ithole legolide.
Ngemva kokuba ama-Israyeli ebone izono zawo futhi ephenduke,
uMose wehla neqoqo lesibili leMiyalo Eyishumi
uNkulunkulu abanika lona njengophawu lwentethelelo.
Lokhu kwaba umsuka woSuku Lokubuyisana.
Uma umuntu enza isono, leso sono sidluliselwa okwesikhashana kuNkulunkulu, indlu engcwele,
kuze kube uSuku Lokubuyisana.
Ngemva kokuba umphristi ophakeme engene endaweni eNgcwelengcwele,
enze inkonzo yokufafaza igazi, isono siyathethelelwa ngokuphelele.
Ngokufanayo, namuhla, ngaphandle kokuthola umusa weJerusalema, eliyindawo engcwelengcwele,
okungukuthi, uNkulunkulu uMama, akekho ongathola ukuthethelelwa kwezono noma insindiso ephelele.
Uma eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana,
nethende lokuhlangana ne-althare, uyonikela ngempongo ephilayo.
U-Aroni uyobeka izandla zakhe zombili enhloko yempongo ephilayo, avume phezu kwayo
bonke ububi babantu bakwa-Israyeli, neziphambeko zabo, nakho konke ukona kwabo,
akubeke enhloko yempongo, bese eyihambisa ngesandla somuntu olungiselwe lokho, iye ehlane.
Impongo iyothwala ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi,
ayikhululele ehlane.
ILevithikhusi 16:20–22
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha