UGideyoni wayengomncane emndenini wakhe owawungowesizwe esibuthakathaka phakathi kwezizwe zonke zakwa-Israyeli. Nokho wakwazi ukunqoba amadoda akwaMidiyani angu-135 000 enamasosha angu-300 kuphela, ngokulalela izwi likaNkulunkulu. UMose noJoshuwa nabo banqoba impi nama-Amaleki ngokulalela izwi likaNkulunkulu. Ngendlela efanayo, nanamuhla, ukunqoba kuzo zonke izimo kuvela ekukholweni usizo lukaNkulunkulu nokumlalela.
Njengoba u-Isaya aprofetha, “UNkulunkulu uzokwenza isizwe esincane kunazo zonke sibe isizwe esinamandla,” labo ababonayo ukuthi konke okusemhlabeni kwenziwa ngokwecebo likaNkulunkulu, nabalalela izwi likaNkulunkulu, ngisho nasezintweni ezibonakala ziwubala, bazobusiswa.
Wathi [uGideyoni] kuye: “O Nkosi,” “... umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.” UJehova wathi kuye: “Impela ngiyakuba nawe; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.”
Abahluleli 6:15–16
“Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe. Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”
U-Isaya 60:21–22
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha