Imfanelo yokungena embusweni wezulu ngeyalabo abenza intando kaNkulunkulu kuphela. IBhayibheli liwumlayezo kaNkulunkulu wensindiso kubo bonke abantu, elibhalwe ngabaprofethi ababeqhutshwa nguMoya Ongcwele ukuba balobe intando Yakhe. Yingakho uNkulunkulu ayala ukuba singalokothi sengeze noma sisuse emazwini alo.
EBhayibhelini, uNkulunkulu kubhekiselwa kuye ngobuningi, hhayi ebunyeni, izikhathi ezingaba ngu-2,500. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lifakaza ukuthi njengoba nje umama ekhona ezweni lezitshalo nasemhlabeni wezilwane ezadalwa ngokwentando kaNkulunkulu, kanjalo nasembusweni wezulu, kukhona uNkulunkulu uMama, onika ukuphila okuphakade, futhi kukhona umndeni wethu wasezulwini ongokomoya.
“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela, ngibe nguYihlo kini, nina nibe ngamadodana namadodakazi kimi, isho iNkosi uSomandla.” 2 kwabaseKorinte 6:17–18
Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu. KwabaseGalathiya 4:26
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha