UNkulunkulu wamisa usuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa yekhalenda elingcwele njengoMkhosi Wamacilongo ukuze sikhumbule uSuku Lokubuyisana, sikhumbula isikhathi lapho athethelela khona izono zama-Israyeli ayewele ekukhonzeni izithixo, wawanika isethi yesibili yemiyalelo eyilishumi. Ngaphezu kwalokho, njengoba kwakushaywa amacilongo ngoMkhosi Wamacilongo ukubizela ekuphendukeni, noJesu weza emhlabeni wakhuthaza isintu ukuba siphenduke, ethi, “Phendukani.”
Njengoba sibona emfanekisweni wendodana yolahleko nasemlandweni kaJona ehola abantu abayi-120 000 baseNineve ensindisweni, izibusiso ezinkulu zikaNkulunkulu zihlale zilungisiwe zilandela umsebenzi wokuphenduka. Nanamuhla, kumele sizuze ukuphenduka okuphelele—njengoJona—ngamehlo nezinhliziyo zethu ebesizibhekise ezweni, sishaye icilongo, sibize umhlaba wonke ukuba ubuyele kuKhristu Ahnsahnghong nakuNkulunkulu uMama.
“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga anoba nokuphumula okuzothileyo, isikhumbuzo ngokushaya amacilongo, umhlangano ongcwele.
“Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha