Njengoba nje u-Adamu no-Eva bona ngoba bakhohlwa umthetho kaNkulunkulu othi, “Ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi,” noma nini lapho sikhohlwa umthetho kaNkulunkulu, senza isono futhi sibhekane nezinhlekelele.
Nakule nkathi, uNkulunkulu uthi inhlekelele yokugcina iyofika ngoba izwe selikhohliwe umthetho kaNkulunkulu—usuku lweSabatha nePhasika lesivumelwano esisha, futhi alikugcini.
Abantu bayimiphefumulo [izingelosi] ezona ezulwini futhi zaphonswa phansi kulo mhlaba.
Bangabuyela ezulwini kuphela lapho belalela izwi likaNkulunkulu besaphila kulo mhlaba.
Njengoba iNkosi uHezekiya yathola izibusiso ngokugcina umthetho [iPhasika] ngokwezwi likaNkulunkulu, iBandla likaNkulunkulu lilalela intando kaNkulunkulu ngokugcina umthetho kaNkulunkulu—isivumelwano esisha.
Qaphela, funa ukhohlwe nguSimakade uNkulunkulu wakho ungayigcini imiyalo yakhe, izehlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.
Duteronomi 8:11
“Akusibo bonke abathi kimi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.
Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?’
. . . ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’ ”
Mathewu 7:21-23
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha