Njengoba nje intambo yomthofu imiswa ukuze kubonakale ukuthi isakhiwo sakhiwa siqondile noma cha, uNkulunkulu unikeza abantwana bakhe izilingo ukuze abone ukuthi bayayakha yini indlu yokholo lwabo iqondile njengoba nje uNkulunkulu enza kuJobe, uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego. Kepha, izibusiso zakhe zihlezi zilandela ekugcineni.
UKristu Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama bafundise amalungu akha izindlu zokholo lwawo namuhla ukuthi lapho uNkulunkulu evivinya umhlaba wonke, uzohlola amazwi, izenzo, nezinhliziyo zomuntu ngamunye abese eletha inhlekelele kwabangenalukholo abakhonondayo. Baphinde bafundisa namalungu ukuthi ahlale ecabanga ngeZulu noNkulunkulu kuphela noma ngabe izimo zinjani.
Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe. ... Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.”
U-Amose 7:7–8
“Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.”
Isambulo 2:23
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha