Ngesikhathi sikaMoya oNgcwele, uNkulunkulu waprofetha eBhayibhelini ukuthi kuzoba nempi enkulu engokomoya phakathi kowesifazane nayo yonke inzalo yakhe noSathane nabalandeli bakhe. Lapho uNkulunkulu ehlukanisa labo abayosindiswa kulabo abangeke basindiswe, ngokuma kuphela ohlangothini lowesifazane, onguNkulunkulu uMama, singakwazi ukunqoba impi enkulu engokomoya futhi sithole isibusiso sensindiso.
UNkulunkulu u-Ahnsahnghong wasazisa ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uMama ukhona ngohlelo lomndeni wasemhlabeni nangenqubo yokudalwa kuka-Eva nokuthi amalungu eBandla likaNkulunkulu, yonke inzalo yowesifazane, kufanele bashumayele inkazimulo yeJerusalema uMama emhlabeni.
Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu. Ngema esihlabathini solwandle. . . . ISambulo 12:17–13:1
Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli, futhi ningamniki ukuphumula, aze akhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni. Izaya 62:6–7
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha