Usuku Lolibo etestamenteni elidala luwuSuku Lokuvuka etestamenteni elisha. Kuyisiprofetho esasizogcwaliseka ngeSonto.
Kwakungosuku lokuqala lweviki lapho ama-Israyeli aphuma khona eGibhithe, ebese ehlela ngaphesheya kolwandle olubomvu. UNkulunkulu wamisa lolu suku njengoSuku Lolibo, futhi wayala ama-Israyeli ukuba alugcine ngosuku olulandela iSabatha (iSonto) minyaka yonke. UJesu wavuswa kwabafileyo ngosuku lokuqala lweviki (ngeSonto), egcwalisa isiprofetho soSuku Lolibo.
Ngokwesiprofetho soSuku Lolibo, uma isithungu solibo sinikelwa kuNkulunkulu, uJesu wavuswa njengolibo lwalabo abaleleyo, wanikeza bonke abantu ithemba lokuvuka. Ngokukholwa lokhu, iBandla likaNkulunkulu ligubha uSuku Lokuvuka minyaka yonke.
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “. . . anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu; yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa.”
ULevitikusi 23:9–11
Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. ... “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha; uvukile!”
NgokukaLuka 24:1–6
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha