Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ngokuya nje esontweni, baba ngabantu bakaNkulunkulu beqiniso.
Kepha, ngomthetho kaNkulunkulu wokuphila, uhlukanisa phakathi kwabantu beqiniso nabamanga.
Abantu bakaNkulunkulu beqiniso, abanobuzwe basezulwini, kumele bagcine usuku lweSabatha, olukhumbula amandla oMdali, kanye nePhasika, eliyisikhumbuzo samandla oMhlengi.
Njengoba uSolomoni, inkosi yokuhlakanipha, asebenzisa izinyosi nezimvemvane ukuze ahlukanise imbali yangempela nembali engeyona eyangempela, uNkulunkulu uhlukanisa abantu Bakhe beqiniso ngemiyalo yakhe efana nosuku lweSabatha nePhasika.
Namuhla, amalungu amaningi emhlabeni wonke agcina imiyalo kaNkulunkulu—uphawu lwabantu bakaNkulunkulu—ebuyiselwe ngezimfundiso zikaKhristu Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama.
Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu.
Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.
Kepha thina singabombuso wezulu, . . .
KwabaseFiliphi 3:18–20
“Niyogcina isabatha ngokuba lingcwele kini. Yilowo nalowo olingcolisayo uyobulawa, nalowo owenza umsebenzi ngalo uyonqunywa phakathi kwabantu.”
I-Eksodusi 31:14
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha