Njengoba uNkulunkulu asebenzisa induku yomalusi ukuze ahlukanise uLwandle Olubomvu, futhi enze nemithombo yamanzi iphume edwaleni, noma yini esesandleni sikaNkulunkulu ihlezi inamandla amakhulu.
Namuhla, iBandla likaNkulunkulu, elithole umsebenzi wokushumayela ivangeli eSamariya kuze kube semikhawulweni yomhlaba, lifeza ivangeli lomhlaba wonke ngamandla kaNkulunkulu, hhayi ngemizamo yomuntu kuphela.
NjengoSamsoni owanqoba inkulungwane yamaFilisti ngomhlathi wembongolo, njengomfana omncane uDavide owalwa nomdondoshiya uGoliyati, nanjengoPhethro, noJakobe ababengabadobi, kulenkathi, labo abakholelwa kuKhristu u-Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama nethemba lombuso wezulu benza umlando omkhulu.
Ngokuba bazalwane, khumbulani ukubizwa kwenu ukuthi kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, futhi kababaningi abayizikhulu. Kodwa izinto zobuwula zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba abajabhise ngazo abahlakaniphileyo. Kanjalo nezinto ezibuthakathaka zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba azijivaze ezinamandla. . . . ukuze kungabi bikho muntu ozigabisayo phambi kukaNkulunkulu. 1 KwabaseKhorinte 1:26–29
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha