Uma sephula izithembiso zikaNkulunkulu futhi sifulathela ubungcwele nokumesaba uNkulunkulu, siba ngaphansi kokwahlulelwa. Ngemuva kwesahlulelo sikaNkulunkulu emhlabeni—esikhathini sikaNowa, eSodoma naseGomora, nakulesi sikhathi sokugcina—kulele intambo efanayo: abantu bamshiya uNkulunkulu, baba ngabahlubuki, ababi, nabaphingayo.
Namuhla, njengoNowa, kumele sibe nokholo oluqinile ezintweni ezingakabonwa. Ngokukholelwa kwisiprofetho seBhayibheli sokuthi uNkulunkulu uzokwahlulela izwe elibi ngomlilo, iBandla likaNkulunkulu lishumayela iPhasika lesivumelwano esisha, eliqukethe isithembiso sikaNkulunkulu sokusindisa umhlaba ezinhlekeleleni.
okwathi ngawo izwe elalikhona labhubha ngokukhukhula kwamanzi; kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu. 2 kaPetru 3:6–7
...kuyiphasika likaJehova. Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe. U-Eksodusi 12:11–13
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha