Kule nkathi, UKhristu Ahnsahnghong weza kulo mhlaba njengoba kwaprofethwa, wasungula Ibandla likaNkulunkulu, wazisa Mama WaseZulwini iJerusalema, ethi, “Ngilandela uMama.” Njengoba kuprofethiwe, inkazimulo kaMama WaseZulwini iJerusalema isiphenduke ukukhanya kwethemba kuleli zwe elimnyama.
Njengoba amalungu ekhanyisa ukukhanya kweJerusalema, ekholelwa ukuthi leli yivangeli eliholwa nguNkulunkulu, abantu bezilimi namasiko ahlukene abavela kuwo wonke umhlaba bayaphuthuma ukubuyela eZiyoni. Ezinganeni Zakhe ezazikholelwa iziphrofetho, zakhanyisa inkazimulo kaMama WaseZulwini iJerusalema, uNkulunkulu ugcwalisa isithembiso Sakhe: “Bayakulidla kuze kube phakade—yebo, kuze kube phakade naphakade.”
Ngokuba bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu; kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho. Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho, namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho. U-Isaya 60:2–3
Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’ UDaniyeli 7:18
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha