Njengoba uKoresi, inkosi yasePheresiya, athola isiphrofetho esiphathelene naye eBhayibhelini, wathinteka kakhulu kangangokuthi wakhulula ama-Israyeli ekuthunjweni futhi wakha ithempeli eJerusalema, kanjalo nathi, kufanele sikholwe iziphrofetho ezilotshwe eBhayibhelini, sigcwele injabulo efanayo nejulile njengaye uKoresi, sishumayele ivangeli uNkulunkulu asiyale ngalo, ngayo yonke inhliziyo yethu nangawo wonke umphefumulo wethu.
Njengoba uJesu afundisa ngomfanekiso wamamina ayishumi, uthembise ikusasa elikhazimulayo kulabo abesaba izwi likaNkulunkulu: bayobusa noNkulunkulu kuze kube phakade naphakade, bejabulela inkazimulo yaphakade embusweni wezulu—indawo lapho kungeke kusaba khona ukufa, noma ukulila, noma ukukhala, noma ubuhlungu.
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. . . .azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” IsAmbulo 21:1–4
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha