UNowa wayekholelwa esibusisweni sikaNkulunkulu nakuba abhekana nesizungu ngenkathi akha umkhumbi isikhathi eside. UMose wakhetha ukuhlupheka nabantu bakaNkulunkulu kunokujabulela inkazimulo yakhe njengenkosana eGibhithe. UMphostoli uPawula walijabulela ithuba lokunikela umbuso wezulu kubantu, naphezu kokubhekana nobunzima obuningi. Ngokufanayo, amalungu eBandla likaNkulunkulu ahamba ngenjabulo indlela yokholo, ethwele iziphambano zabo.
UMama waseZulwini usikhumbuza njalo ukuthi, “Asinalo yini ithemba lombuso wezulu na?” Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi abangcwele noma abasebenzi abangabefundisi abasebenza phambili, wonke umuntu kufanele abheke izibusiso zombuso wezulu ezilungiselelwe ngale kwezithiyo ezembulekayo phambi kwamehlo ethu njengoba sithwele iziphambano zethu.
Wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo. KumaHebheru 11:26
Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa noma kanjani, kodwa uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo-ke bangabantwana bakaNkulunkulu, . . . uma nje sihlupheka kanye naye, ukuze futhi sikhazimuliswe kanye naye. Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo ezayo, eyakwembulwa kithina. KwabaseRoma 8:13–18
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha