Njengoba kulotshiwe, “Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa,” futhi njengoba uJesu asho, “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele,” isikhashana esifushane sokuhlupheka kumelwe silandele izimpilo zabo bonke abaphilela inkazimulo yombuso wezulu.
U-Esawu noJudas Iskariothe baphila ngokwenyama, bephishekela injabulo yesono, ekugcineni balahlekelwa izibusiso zombuso wezulu. Kepha, uMose, uJakobe, uDanyeli, nabangane bakhe abathathu banqoba ubunzima ngokwazisa injabulo yezulu kakhulu. Ngokufanayo, amalungu eBandla likaNkulunkulu abeka ithemba lawo enjabulweni yezulu ethenjiswe uNkulunkulu, ezinikela ekushumayeleni izibusiso zosuku lweSabatha lwesivumelwano esisha kanye nePhasika, njengoba nje Eyala.
Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro; kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni, ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. KumaHeberu 11:24–26
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha