Ngesikhathi sokuphuma kwama-Israyeli, izinhlekelele zehlela lonke iGibhithe, kodwa azikho izinhlekelele ezehlela ama-Israyeli. Lona kwakuwumehluko oqondile phakathi kwendawo enesivumelwano sikaNkulunkulu nendawo engenaso. UNkulunkulu unikeze isithembiso esikhulu sokuthi nomaphi lapho umyalo wakhe—iPhasika lesivumelwano esisha—ugcinwa khona, abantu bakhe bayobusiswa lapho bengena futhi babusiswe lapho bephuma, futhi uyobaphakamisa ngaphezu kwazo zonke izizwe emhlabeni.
Abaprofethi u-Isaya, uZefaniya, noPetru bafakaza ukuthi inhlekelele enkulu yomlilo izokwehlela kulo mhlaba ngoba izwe alisigcini isivumelwano esisha, esihlanganisa Usuku lweSabatha likaNkulunkulu nePhasika. IBhayibheli lifakaza ukuthi kuphela ngokugcina isivumelwano sikaNkulunkulu isintu singakwazi ukuba ngabantwana bakaBaba UKhristu Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama, sithole isivikelo sikaNkulunkulu kuzo zonke izinhlekelele.
“Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba. Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho. . . . “Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho. UDuteronomi 28:1–6
“Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu onke lawa mazwi, basho kuwe ukuthi: ‘UJehova ukhulumeleni phezu kwethu konke lokhu okubi na? Ububi bethu buyini? Yisiphi isono esone ngaso kuJehova uNkulunkulu wethu na?’ Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami, UJeremiya 16:10–11
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha