Impumelelo noma ukwehluleka komsebenzi wevangeli kuncike ekutheni ukholo lwethu kuNkulunkulu luqine kangakanani. Njengoba uNkulunkulu asibonisa ezimpini ezinsukwini zikaGideyoni noJoshuwa, labo ukholo lwabo olunyakaziswa yindawo nezimo zabo bayakhishelwa ngaphandle ebuthweni likaNkulunkulu, futhi yilabo abanokholo oluqinile kuNkulunkulu kuphela abasetshenziselwa ukubhala umlando wokunqoba.
UNkulunkulu uqondise zonke izikhathi ngendlela okungekho muntu owayengayicabanga. Ngisho nasenkathini kaMoya oNgcwele, lapho sikholwa ngokugcwele amazwi kaKristu Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama, “Londoloza umhlaba,” siyowufeza umsebenzi webutho lasezulwini, okuwukuqedela ivangeli lombuso.
Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu. Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye. 2 kuThimothewu 2:3–4
UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.” NgokukaMathewu 28:18–20
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha