Njengoba izincwadi zeBhayibheli ezingama-66 ziqukethe indlela yokuza kuMsindisi nokuhlakanipha kokwehlukanisa iqiniso namanga, uNkulunkulu uyasixwayisa ukuba singanezeli noma sisuse utho eBhayibhelini, kodwa silandele kuphela ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu. Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, uJesu eyedwa wamemeza, “Wozani kimi ukuze namukele amanzi okuphila,” kodwa Usifundise ukuthi manje kufanele size kuMoya noMlobokazi ukuze samukele amanzi okuphila futhi sibe nokuphila okuphakade.
Izaya waprofetha ukuthi uNkulunkulu uzoholela izingane Zakhe emthonjeni wamanzi aphilayo, noNkulunkulu u-Ahnsahnghong, uMoya oNgcwele, owagcwalisa zonke iziprofetho zeBhayibheli, uholele Abantu kuMama waseZulwini iJerusalema, uMlobokazi kaMoya oNgcwele kanye nomthombo amanzi okuphila.
UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle. ISambulo 22:17
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa, ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza; . . . ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.” Izaya 49:8–10
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha