Lapho abantwana bakaNkulunkulu beba usawoti nokukhanya komhlaba ngokwezimfundiso Zakhe, bebonisa inkazimulo kaNkulunkulu ngezenzo zabo ezinhle, futhi behola isintu kuNkulunkulu ngeqiniso lesivumelwano esisha, uNkulunkulu uyojabula futhi abanikeze izibusiso ezichichimayo ngosuku abayokuma ngalo phambi Kwakhe.
Uma samukele uKhristu Ahnsahnghong kanye neJerusalema uMama WaseZulwini enkathini kaMoya Ongcwele, kusukela manje, kumele silahle imikhuba emibi esiyifunde emhlabeni, sembathe umuntu omusha njengamaKhristu. Njengoba leli zwe liya lilahlekelwa ukumesaba uNkulunkulu, liphenduke libe libi, kumele sibone ukuthi usuku lokwahlulela lukaNkulunkulu seluseduze, njengasezinsukwini zikaNowa noLoti, futhi siphile ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu kakhulu.
Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda; ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo. KwabaseRoma 12:1–2
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha